|
Umbungazo weminyaka elikhulu kwasungulwa idolobha lase Margate
Idolobha laseMargate ligubha iminyaka elikhulu lasungulwa. Ngaleso sizathu uMeya Shusha ufisa ukubungaza nokuhlonipha bonke abantu abake babamba iqhaza ekuthuthukeni kwalelidolobha, manje nangesikhathi esedlule. Kuzokwakhiwa udonga ehholo lomphakathi elisha, noluzobhalwa amagama awo wonke lamaqhawe.
Uma kukhona umuntu, umndeni okanye ibhizinisi ocabanga ukuthi kumele lithole lomklomelo, sicela uthumele imininingwane yabo nge email kwikheli
This e-mail address is being protected from spambots. You need JavaScript enabled to view it
, noma ushayele u -Ina kunombolo yocingo 039 682 7944.
Imiklomelo iyokhishwa kwimikhakha elandelayo:
Ezamasiko nobuciko Umculo, ezamafilimu nesiteji Ezemidlalo Ezempilo nezokuphepha Ezobunjiniyela nezokwakhiwa kwenqalasizinda Ezokuvakasha Ezemvelo Ezamabhizinisi Ezithinta uhulumeni Ezemfundo
Mhlawumbe, kukhona umuntu omaziyo osehlale eMargate isikhathi eside ngempela Umndeni osekuphele isikhathi eside ngempela uhlala emzini owodwa Inhlangano yomphakathi esisebenze isikhathi eside Iqembu lezemidlalo eseliqhube isikhathi eside endaweni Ibhizinisi eselinesikhathi eside endaweni
Sekuyisikhathi sokubonga abantu nezinhlangano ezenze idolobha laseMargate into eliyiyona namhlanje, nokwenza abantu baseNingizimu Afrika babuye bephindelela ukuzovakasha minyaka yonke. Masibungaze sibonge imisebenzi yethu yaleminyaka elikhulu.
For English version of this page go to: http://margatecentenary.co.za/wall-of-fame
|